ULabani wayibiza futhi ngokuthi yiMizpha, ngokuba wathi: “USimakade makalinde phakathi kwami nawe, lapho omunye engekho phambi komunye.
AbAhluleli 10:17 - IsiZulu 2020 Kwase kubizwa abakwa-Amoni ukuba bahlome, bakanise kwaGileyadi; abakwa-Israyeli bahlangana, bakanisa eMizpha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Amoni babuthana, bamisa kwaGileyadi. Abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa. |
ULabani wayibiza futhi ngokuthi yiMizpha, ngokuba wathi: “USimakade makalinde phakathi kwami nawe, lapho omunye engekho phambi komunye.
kubuye kusuke eHeshibhoni kuye eRamathi Mizpha neBhethonimi, kusuke eMahanayimi kuya esifundeni saseDebhiri,
Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”
UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.
UMoya kaSimakade wehlela phezu kukaJeftha, wadabula kwaGileyadi nakwaManase. Wedlulela eMizpha kwaGileyadi, wasuka eMizpha kwaGileyadi waya kubantu bakwa-Amoni.
UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.
USamuweli wathi: “Buthelani wonke u-Israyeli eMizpha, ukuze nginikhulekele kuSimakade.”