AbAhluleli 1:33 - IsiZulu 2020 UNafethali akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Shemeshi, nezaseBhethi Anathi, kodwa wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo lizwe; izakhamuzi zaseBhethi Shemeshi, nezaseBhethi Anathi baziphoqelela ukuba zibasebenzele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati, kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo. Contemporary Zulu Bible 2024 UNafetali akaxoshanga nabakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti-anati; kepha wahlala phakathi kwamaKhanani akhileyo kulelo zwe; kepha abakhileyo eBeti Shemeshi naseBethanati baba ngabathelisi babo. |
bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina;
UZebuloni akazixoshanga izakhamuzi zaseKhithroni, nezaseNahaloli, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo bawaphoqa ukuba abasebenzele.
kodwa abakwa-Asheri bahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo lizwe, ngokuba abawaxoshanga.
Ama-Amori acindezela isizwe sakwaDani ukuba sihlale kwelezintaba, awaze asivumela ukwehlela esigodini.
Ama-Amori aqhubeka ahlala entabeni iHeresi, e-Ayijaloni, naseShahalibhimi, kodwa abakwaJosefa bawacindezela kanzima ama-Amori, bawaphoqa ukuba abasebenzele.