Wakhulelwa, wathola enye indodana, wayiqamba igama wathi nguSimeyoni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade uzwile ukuthi ngiyisaliwakazi, wayesengipha nalena futhi indodana.”
AbAhluleli 1:3 - IsiZulu 2020 UJuda wathi kumfowabo uSimeyoni: “Yenyuka nami siye ezweni engilabelwe ukuze silwe namaKhanani, nami ngizohamba nawe ngiye ezweni owabelwe lona.” USimeyoni wayesehamba naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo: “Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani, nami ngiye esabelweni sakho.” USimeyoni wayesehamba naye. Contemporary Zulu Bible 2024 UJuda wasesithi kumfowabo uSimeyoni: Yenyuka lami esabelweni sami, silwe lamaKhanani; futhi nami ngizohamba nawe esimisweni sakho. USimeyoni wayesehamba naye. |
Wakhulelwa, wathola enye indodana, wayiqamba igama wathi nguSimeyoni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade uzwile ukuthi ngiyisaliwakazi, wayesengipha nalena futhi indodana.”
UJowabe wathi ku-Abhishayi: “Uma ama-Aramu enamandla kunami, uyoza uzongisiza, kanjalo uma abakwa-Amoni benamandla kunawe, ngizofika ngizokusiza.
Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.
esizwaneni sakwaSimeyoni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaLevi beyizi-12 000, esizwaneni sakwa-Isakhare beyizi-12 000,
UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, banqoba amaKhanani ayehlala eZefathi, balicekela phansi. Ngakho-ke umuzi wabizwa ngokuthi yiHorma.
USimakade wathi: “NguJuda ozokwenyuka. Bheka, izwe ngilinikele esandleni sakhe.”
UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi.