Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 1:28 - IsiZulu 2020

Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi lapho u-Israyeli esenamandla, wakhokhisa amaKhanani, awazange awaxoshe ngokuphelele.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 1:28
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Wabuye wathi futhi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu, uKhanani makabe yisigqila sikaShemu.


nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.


Isandla sabakhuthele siyobusa, kodwa amavila ayophoqwa ukusebenza.


Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze.


Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.


UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.


No-Efrayimi akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.