AbAhluleli 1:28 - IsiZulu 2020 Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho u-Israyeli esenamandla, wakhokhisa amaKhanani, awazange awaxoshe ngokuphelele. |
Wabuye wathi futhi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu, uKhanani makabe yisigqila sikaShemu.
nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.
Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze.
Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.
UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.
No-Efrayimi akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.
Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.