Wawabuza impilo wathi: “Iphila kanjani indoda endala enguyihlo enangitshela ngayo na? Isawadla yini anhlamvana na?”
2 Samuweli 8:10 - IsiZulu 2020 uThoyi wathumela uJoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuba ayombingelela futhi ambusise, ngenxa yokuba wayelwe noHadadezeri, wamnqoba. UHadadezeri wayevamise ukulwa noThoyi. UJoramu wayephethe izinto ezenziwe ngesiliva, ngegolide, nangethusi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoramu indodana yakhe wayesethumela enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba; ngoba uHadadezeri wayelwile loThoyi. UJehoramu waletha izitsha zesiliva nezitsha zegolide nezitsha zethusi. |
Wawabuza impilo wathi: “Iphila kanjani indoda endala enguyihlo enangitshela ngayo na? Isawadla yini anhlamvana na?”
Nalezo, inkosi uDavide yazehlukanisela uSimakade nesiliva negolide eyayilehlukanisile livela ezizweni zonke eyayizinqobile:
UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,
Nezinceku zenkosi zifikile ukuzoyihalalisela inkosi yethu, inkosi uDavide, zithi: ‘UNkulunkulu wakho makalenze libe lihle igama likaSolomoni ukwedlula elakho. Isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothamisa ikhanda embhedeni wayo.’
wathumela uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyocela ukuba babe nesivumelwano sokuthula nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayevame ukulwa noThowu. Wamphathisa izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
Abaningi baletha iminikelo kuSimakade eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waba nodumo kubo bonke abezizwe ngaleso sikhathi.
Abadlulayo mabathi: “Isibusiso sikaSimakade masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaSimakade.”
Ngalesi sikhathi uMerodaki Bhaladani, indodana kaBhaladani inkosi yaseBhabhele, wathumela izithunywa kuHezekiya ziphethe izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula kodwa useluleme.
Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela.