Simakade, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho, wenzile konke lokhu okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.
2 Samuweli 7:21 - IsiZulu 2020 Ngenxa yezwi lakho nangokufisa kwenhliziyo yakho ukwenzile konke lokhu okukhulu, wakwazisa inceku yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba ukwazise inceku yakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile zonke lezi zinto ezinkulu ukuba uzazise inceku yakho. |
Simakade, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho, wenzile konke lokhu okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.
Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.
Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.
UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?
Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo.
UPawula, obizwe ngokwentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Khristu, benoSostene umzalwane,
Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.
Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.