Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.
2 Samuweli 7:18 - IsiZulu 2020 Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi uDavide yangena, yahlala phambi kukaJehova, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Jehova? futhi iyini indlu yami ukuthi ungilethe lapha? |
Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.
Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami.
“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.
Inkosi uDavide yahamba yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani Simakade Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungithwale kuze kube lapha na?
“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.
Kepha uMose wathi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro, ngikhulule abantu bakwa-Israyeli eGibhithe na?”
UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaSimakade, wayendlala phambi kukaSimakade.
Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.
Waphendula wathi: “Kodwa Nkosi, ngingamkhulula kanjani u-Israyeli, na? Umndeni wakithi ungomncinyane kwaManase, nami ngingomncane endlini kababa.”
URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”
USamuweli wathi: “Nakuba wawuzibona ungomncane, kodwa awenziwanga yini waba yinhloko yezizwana zakwa-Israyeli na? USimakade wakugcoba waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.
UDavide wathi kuSawule: “Ngingubani nje mina, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngingaba ngumkhwenyana wenkosi, na?”
USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”