Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,
2 Samuweli 7:11 - IsiZulu 2020 kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu. |
Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,
Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Simakade, kepha ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, ngabe iyona ndlela le, Nkosi Simakade, ophatha ngayo abantu na?
“Ngokuba Wena Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, ukwembulile endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu,’ ngalokho-ke inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.
Kuyokuthi uma ulalela konke engiyokukuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso nemiyalo yami njengalokhu kwenza uDavide, inceku yami, ngiyokuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile njengoba ngakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.
Ngakho ngifunga ngiyagomela kuSimakade ongimisile, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide, ubaba, waze wangenza ngayindlu njengokusho kwakhe, namuhla uzobulawa u-Adoniya.”
kusukela emihleni engamisa ngayo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyakuzinqoba zonke izitha zakho. Ngiyakutshela futhi ukuthi uSimakade uyakukwakhela indlu yakho.
Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’
Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.
Owesifazane ohlakaniphileyo uyayakha indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyibhidliza ngezandla zakhe.
okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.
Thethelela, ngiyakucela, icala lencekukazi yakho, ngokuba uSimakade uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaSimakade; ububi abuyukufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.