Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 5:6 - IsiZulu 2020

Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema kumaJebusi akhileyo kulelo zwe, bakhuluma kuDavide, bathi: “Uma ungabasusi abayizimpumputhe nezinyonga, aniyikungena lapha;

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 5:6
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMelkhizedeki, inkosi yaseSalema, owayengumphristi kaNkulunkulu Ophezukonke, wamlethela isinkwa newayini.


Ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.


Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, ayiwise inqaba athembele kuyo.


Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’


Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”


UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi:


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.


Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.


Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.