Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 5:12 - IsiZulu 2020

UDavide wakuqonda ukuthi uSimakade wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uwuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe, u-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli lokuthi wawuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 5:12
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo.


UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.


UHuramu, inkosi yaseThire, waloba wayesethumela kuSolomoni, wathi: “USimakade uyabathanda abantu bakhe; ukubeke waba yinkosi phezu kwabo.”


Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.”


Mina-ke, akungakuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.


Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.