Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
2 Samuweli 5:10 - IsiZulu 2020 UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide waqhubeka ekhula, futhi uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye. |
Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.
Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.
Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.
Kodwa qina manje, Zerubhabhele,’ kusho uSimakade, ‘qina, nawe Joshuwa, ndodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, qinani nonke nina bantu bezwe,’ kusho uSimakade, ‘nisebenze ngokuba Mina nginani,’ kusho uSimakade Wamabandla.
UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.