Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 4:4 - IsiZulu 2020

UJonathani, indodana kaSawule, yayinendodana elunyonga. Yayineminyaka emihlanu lapho kuzwakala izindaba ngoSawule noJonathani zivela eJizreyeli, ngakho-ke umzanyana wayo wayithatha, wabaleka nayo. Ngesikhathi ephuthuma ebaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhoshethi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ezinyaweni zakhe. Wayeneminyaka eyisihlanu lapho kufika umbiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli, umzanyana wakhe wamphakamisa, wabaleka; kwathi lapho ebaleka ngokuphangisa, wawa waba yisishosha. Igama lakhe lalinguMefibosheti.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 4:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.


UMefibhoshethi wayesehlala eJerusalema, edla njalo etafuleni lenkosi; wayenezinyawo ezikhubazekile.


Inkosi yayisithi: “Akusekho noyedwa yini endlini kaSawule engingamenzela umusa kaNkulunkulu na?” UZiba wathi enkosini: “Ikhona indodana kaJonathani ekhubazekile ezinyaweni.”


UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”


UHadadi wayeselibhobhodleyana, abathile ababeyizinceku zikayise babaleka naye, baya eGibhithe.


Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.


Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.


AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli.


UDavide nabantu bakhe bavuka ekuseni ngovivi ukuze babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.