Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.
2 Samuweli 4:4 - IsiZulu 2020 UJonathani, indodana kaSawule, yayinendodana elunyonga. Yayineminyaka emihlanu lapho kuzwakala izindaba ngoSawule noJonathani zivela eJizreyeli, ngakho-ke umzanyana wayo wayithatha, wabaleka nayo. Ngesikhathi ephuthuma ebaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhoshethi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti. Contemporary Zulu Bible 2024 UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ezinyaweni zakhe. Wayeneminyaka eyisihlanu lapho kufika umbiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli, umzanyana wakhe wamphakamisa, wabaleka; kwathi lapho ebaleka ngokuphangisa, wawa waba yisishosha. Igama lakhe lalinguMefibosheti. |
Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.
UMefibhoshethi wayesehlala eJerusalema, edla njalo etafuleni lenkosi; wayenezinyawo ezikhubazekile.
Inkosi yayisithi: “Akusekho noyedwa yini endlini kaSawule engingamenzela umusa kaNkulunkulu na?” UZiba wathi enkosini: “Ikhona indodana kaJonathani ekhubazekile ezinyaweni.”
UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”
UHadadi wayeselibhobhodleyana, abathile ababeyizinceku zikayise babaleka naye, baya eGibhithe.
AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli.
UDavide nabantu bakhe bavuka ekuseni ngovivi ukuze babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.