UDavide wabiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, khwela phezu kwakhe.” Yayishaya yaze yafa.
2 Samuweli 4:12 - IsiZulu 2020 UDavide wayeseyala izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka eceleni kwechibi eHebhroni. Kepha balithatha ikhanda lika-Ishi Bhoshethi, balimbela ethuneni lika-Abhineri eHebhroni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayala izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngasechibini laseHebroni. Kodwa balithatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni. |
UDavide wabiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, khwela phezu kwakhe.” Yayishaya yaze yafa.
USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”
U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,
Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali.
U-Abhineri wangcwatshwa eHebhroni. Inkosi yadazuluka, yakhala ngasethuneni lika-Abhineri, nabantu bonke bakhala.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.