Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.
2 Samuweli 4:11 - IsiZulu 2020 Kakhulu kangakanani lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo, ezilalele embhedeni wakhe, endlini yakhe; igazi lakhe angiyukulibiza yini kini, nginishabalalise emhlabeni na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe, angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni, na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Kakhulu kangakanani kunokuba abantu ababi babulale olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe? Angiyikulibiza manje igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni na? |
Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.
UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba.
UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.
USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”
U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”
USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.
Mabahlale bephambi kukaSimakade njalo, ukuze akuqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.
Manje ngiselulile isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo, nishabalale emhlabeni.
Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.
“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”
Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.
Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.
kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.