Sebelihambe lonke izwe, baze bafika eJerusalema sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingama-20.
2 Samuweli 24:9 - IsiZulu 2020 UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu. Contemporary Zulu Bible 2024 UJowabe wayinika inkosi umumo wokubalwa kwabantu; kwakukhona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayengamadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amahlanu. |
Sebelihambe lonke izwe, baze bafika eJerusalema sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingama-20.
Abozalo lukaJuda, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: