Nokho-ke inkosi yayikhulume yaqokothisa kuJowabe, umkhuzi wempi, ngakho-ke laphumelela izwi layo. UJowabe nezikhulu zempi baphuma phambi kwenkosi, bahamba bayobala abantu bakwa-Israyeli.
2 Samuweli 24:5 - IsiZulu 2020 Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri; Contemporary Zulu Bible 2024 Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nomfula uGadi naseJazeri. |
Nokho-ke inkosi yayikhulume yaqokothisa kuJowabe, umkhuzi wempi, ngakho-ke laphumelela izwi layo. UJowabe nezikhulu zempi baphuma phambi kwenkosi, bahamba bayobala abantu bakwa-Israyeli.
Imizi e-Aroweri iyakushiywa ibe ngeyemihlambi; ibuthise khona, ingethuswa muntu.
UMose wathumela izinhloli ukuhlola iJazeri, balidla, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori ayelapho.
Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,
“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,
Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi, akubangabikho muzi owasehlulayo ngokuphakama; uSimakade uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi.
Indawo yabo yayisuka e-Aroweri ngasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nawo wonke amathafa ngaseMedeba,
indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,
kusuka e-Aroweri elingasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nethafa kusuka eMedeba kuya eDibhoni;