UJowabe wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho angenezela kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, ikubone lokho ngamehlo inkosi yami, inkosi, isakwazi ukubona. Kodwa kungani inkosi yami, inkosi ifuna ukwenza lokhu na?”
2 Samuweli 24:4 - IsiZulu 2020 Nokho-ke inkosi yayikhulume yaqokothisa kuJowabe, umkhuzi wempi, ngakho-ke laphumelela izwi layo. UJowabe nezikhulu zempi baphuma phambi kwenkosi, bahamba bayobala abantu bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi baphuma ebusweni benkosi ukuba babale abantu bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi basuka enkosini ukubala abantu bakwa-Israyeli. |
UJowabe wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho angenezela kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, ikubone lokho ngamehlo inkosi yami, inkosi, isakwazi ukubona. Kodwa kungani inkosi yami, inkosi ifuna ukwenza lokhu na?”
Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri.
Izwi lenkosi nokho lamehlula uJowabe. UJowabe waphuma walihamba lonke elakwa-Israyeli waze wayofika eJerusalema.
Kepha ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abazange benze njengokuyala kwenkosi yaseGibhithe, kodwa babayeka abafana baphila.
“Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.
Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.