Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
2 Samuweli 23:4 - IsiZulu 2020 unjengokukhanya ekuseni, njengelanga liphuma, isibhakabhaka sicwathile, ucwazimula njengotshani emhlabathini emuva kwezimvula.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuba njengokukhanya kokusa ekuphumeni kwelanga, njengokusa okungenamafu; njengotshani obuthambile obumila emhlabeni ngokukhazimula ngokukhazimulayo ngemva kwemvula. |
Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.”
Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.
“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.
Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.
Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya.
Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.
“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.
Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,
“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.