Kwakuthi lapho kusondela noma ngubani ukuzomkhothamela, wayelula isandla sakhe, ambambe, amange.
2 Samuweli 20:9 - IsiZulu 2020 UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Unjani mfowethu?” UJowabe wabamba u-Amasa isilevu, ngesandla sakhe sokunene, wamanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange. Contemporary Zulu Bible 2024 UJowabe wasesithi kuAmasa: Uyaphila, mfowethu? UJowabe wabamba u-Amasa ngentshebe ngesandla sokunene ukuze amange. |
Kwakuthi lapho kusondela noma ngubani ukuzomkhothamela, wayelula isandla sakhe, ambambe, amange.
U-Absalomu wabeka u-Amasa ukuba ahole impi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa kwakuyindodana yendoda yakwa-Israyeli okuthiwa ngu-Ithira, owayengene u-Abhigayili, indodakazi kaNahashi, udadewabo kaZeruya, unina kaJowabe.
Inkosi yathi: “Kuhamba kahle yini ngensizwa u-Absalomu na?” U-Ahimahazi wathi: “Ngabona isixuku sabantu, lapho uJowabe inceku yenkosi ethuma mina inceku yakho, kodwa angazanga ukuthi kwenzekani.”
U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.
Njengesiliva okucakwe ngalo isitsha sobumba, zinjalo izindebe ezishelelayo nenhliziyo embi.
U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya namadoda alishumi ayehamba nawo, basukuma, bambulala ngenkemba uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani; uGedaliya owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.
Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.