Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa.
2 Samuweli 20:3 - IsiZulu 2020 UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi ezancinza zayo eyayibashiyile ukuba balinde indlu, yabafaka esitokisini, yabagcina, kepha ayingenanga nabo. Ngemva kwalokho baboshwa kwaze kwaba usuku lokufa kwabo, kuyilapho bona bengabafelokazi. |
Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa.
Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayizancinza abalishumi ukuba banakekele isigodlo.
Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka, ababe besamlandela uDavide, base belandela uSheba, indodana kaBhikhiri. Abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kufike eJerusalema.