U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina.
2 Samuweli 2:25 - IsiZulu 2020 Abantu bakwaBhenjamini babuthana emva kuka-Abhineri, baba liviyo elilodwa; bama esiqongweni segquma elithile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni sentaba. |
U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina.
U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”