U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina.
2 Samuweli 2:23 - IsiZulu 2020 Kepha wenqaba ukuchezuka. U-Abhineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, umkhonto waze wayophumela ngemuva. Wawela lapho, wafa. Bonke abafika endaweni lapho u-Asaheli ayewele khona, wafa, babema bathule du! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wala ukuphambuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza ngengemuva lomkhonto ngaphansi kombambo lwesihlanu, kwaze kwaphuma umkhonto emva kwakhe; wawela khona lapho, wafela khona lapho. |
U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina.
U-Amasa akayinakanga inkemba eyayiphethwe nguJowabe ngesandla. UJowabe wamgwaza kanye ngayo esiswini, izibilini zakhe zachithekela emhlabathini, wafa ujuqu. Akamphindanga. UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, baqhubeka bexosha uSheba, indodana kaBhikhiri.
U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, bambulala u-Abhineri, ngoba wayebulele umfowabo, u-Asaheli, empini eGibheyoni.
Bangena endlini kungathi bazolanda ukolo, base bemgwaza esiswini; uRekhabhi noBhahana, babaleka.
Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”