Zase zisukuma zaphumela eshashalazini, zabalwa zaze zaba li-12 ohlangothini luka-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule wakwaBhenjamini, zaba li-12 ezincekwini zikaDavide.
2 Samuweli 2:14 - IsiZulu 2020 U-Abhineri wathi kuJowabe: “Ake zisukume izinsizwa, zizwane amandla phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisukume.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisuke.” Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abineri wayesethi kuJowabe: “Mazisukume izinsizwa, zidlale phambi kwethu; Wathi uJowabe: “Mabasuke.” |
Zase zisukuma zaphumela eshashalazini, zabalwa zaze zaba li-12 ohlangothini luka-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule wakwaBhenjamini, zaba li-12 ezincekwini zikaDavide.
Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni.
Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide.
U-Amaziya wathumela izithunywa kuJehowashi, indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibukane mahlanze.”
Ukwenza inkohlakalo kufana nomdlalo esiwuleni, kanti umuntu ohlakaniphileyo uthokozela ukuqonda.
Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.
Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?