U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide.
2 Samuweli 2:11 - IsiZulu 2020 Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Contemporary Zulu Bible 2024 Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. |
U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide.
Izinsuku uDavide abusa ngazo kwa-Israyeli zaziyiminyaka engama-40; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebhroni, kwathi engama-33 wabusa eJerusalema.
Wambusa u-Israyeli iminyaka engama-40; iminyaka eyisikhombisa wabusa eseHebhroni, engama-33 wayibusa eseJerusalema.
Wazalelwa ayisithupha eHebhroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engama-33.