UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”
2 Samuweli 19:9 - IsiZulu 2020 Bonke abantu phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli babephikisana, bethi: “Inkosi yasisindisa esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti, manje ibalekile ezweni, ibalekela u-Absalomu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu baba nokuxabana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bathi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasophula esandleni samaFilisti; manje wabaleka u-Abisalomu ezweni. |
UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”
Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.
U-Absalomu esamgcoba ukuba asibuse ufele empini, ngakho-ke kungani nithule ningayibuyisi inkosi na?”
Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKhimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nengxenye yabakwa-Israyeli.
“Wangikhulula ekulweni kwabantu; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bayakungikhonza.
UDavide wawahlasela eBhali Pherazimi, wawanqoba khona lapho amaFilisti. UDavide wayesethi: “USimakade uzithelekele izitha zami ngibuka, njengokufohla kwamanzi.” Ngakho-ke wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhali Pherazimi.
Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.
Ngase ngithi kubo: ‘Umuntu onegolide makalikhumule,’ base benginika lona, ngaliphonsa emlilweni, kwaphuma leli thole.”
UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni lobolo, ifuna kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiselwe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wayecabanga ukuthi uDavide uzobulawa ngamaFilisti.
Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”