Abantu bakwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide. Kwabulawa abantu abaningi kakhulu ngalolo lusuku; abayizi-20 000.
2 Samuweli 18:8 - IsiZulu 2020 Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba impi yahlakazeka ezweni lonke, nehlathi ladla abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba. |
Abantu bakwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide. Kwabulawa abantu abaningi kakhulu ngalolo lusuku; abayizi-20 000.
U-Absalomu wethuka ehlangana nezinceku zikaDavide. U-Absalomu wayegibele umnyuzi. Umnyuzi wangena phansi kwehlozi elicinene lamagatsha omu-okhi, u-Absalomu wagaxela ngezinwele kuwo, walenga emoyeni, umnyuzi abewugibele wedlula, wamshiya kanjalo.
Insali yabalekela emzini e-Afeki; ugange lwawela phezu kwamadoda ayizi-27 000 ayesele. UBheni Hadadi wabalekela emzini, ukuyobhaca.
Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.
Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.
ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma. Ngubani owazi ukubhujiswa okungalethwa yibo bobabili na?
Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.