UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”
2 Samuweli 17:16 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke phuthumani nithumele kuDavide, nimbikele nithi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni ehlane ngalobu busuku; wela nokuwela, funa inkosi ibhujiswe nabo bonke abantu abanayo lapho.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke thumelani masinyane nitshele uDavide, nithi: ‘Ungalali emathafeni asehlane ngalobubusuku, kepha dabula masinyane; funa inkosi idliwe nabantu bonke abanayo. |
UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”
Mina-ke, ngizothi ukuzindela ngasemazibukweni ehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.”
Abaphristi, uZadoki no-Abhiyathara, bayoba nawe lapho. Kuyothi konke okuzwayo esigodlweni senkosi ukutshele uZadoki no-Abhiyathara.
Bengizophuthuma ngithole umpheme ukuze ngiphephe ezivunguvungwini naseziphephweni.
Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.
Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo siyabubula, siyasindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa, kodwa ukwembathiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.
Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe.