Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.
2 Samuweli 16:6 - IsiZulu 2020 Wamjikijela ngamatshe uDavide nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abantu eyayihamba nabo inkosi, wonke amaqhawe ayemhaqile ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenkosi uDavide, bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo. Contemporary Zulu Bible 2024 Wakhanda uDavide ngamatshe nazo zonke izinceku zenkosi uDavide, nabantu bonke namaqhawe onke babe ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe. |
Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.
UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!
Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibeki icala, futhi ingakukhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho ngosuku inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, sengathi inkosi ingekubeke enhliziyweni yayo.