Inkosi, nabo bonke abantu eyayihamba nabo, bafika eJordani bekhathele; yafike yathi gozololo lapho, yahlumeleleka.
2 Samuweli 16:5 - IsiZulu 2020 Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma indoda yomndeni wendlu kaSawule, igama layo linguShimeyi indodana kaGera; |
Inkosi, nabo bonke abantu eyayihamba nabo, bafika eJordani bekhathele; yafike yathi gozololo lapho, yahlumeleleka.
Inkosi yathi kuZiba: “Uyabona-ke, konke obekungokukaMefibhoshethi sekungokwakho.” UZiba wayesethi: “Ngiyakhuleka ukuba ngifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”
Wamjikijela ngamatshe uDavide nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abantu eyayihamba nabo inkosi, wonke amaqhawe ayemhaqile ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.
Kepha mfana mumbe wababona, wayeseyobotha ku-Absalomu, base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBhahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.
Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!” Wenza kanjalo, wabuyela emuva.
Kwakukhona eShushani inhlokomuzi, uMoridekhayi umJuda, indodana kaJayiri, kaShimeyi, kaKhishi wakwaBhenjamini,
Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi.
Mabaqalekise, kodwa Wena ubusise, lapho bevuka, mabathelwe ngehlazo, kodwa inceku yakho ithokoze.
ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.
Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.
Ungayiqalekisi inkosi ngisho emcabangweni wakho; kumbe uqalekise ocebileyo, ulele ekamelweni lakho; ngokuba inyoni yezulu ingase ikuthwale okushilo, noma yini enamaphiko ingayikhuluma indaba.
Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu.
UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.