Kwakuthi lapho kusondela noma ngubani ukuzomkhothamela, wayelula isandla sakhe, ambambe, amange.
2 Samuweli 15:4 - IsiZulu 2020 U-Absalomu wabuye wathi: “Sengathi bengingabekwa ngibe ngumehluleli ezweni, ukuze wonke umuntu onecala nesikhalo esithile, eze kimi ngimehlulele; ngimenzele ubulungiswa.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abisalomu wathi futhi: “Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni, kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.” Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abisalomu wabuye wathi: “O, uma ngibekwe umahluleli ezweni, ukuze wonke umuntu onecala noma udaba eze kimi, ngimenzele ubulungisa! |
Kwakuthi lapho kusondela noma ngubani ukuzomkhothamela, wayelula isandla sakhe, ambambe, amange.
Mawutuswe ngomunye, kungabi ngowakho umlomo; kube ngumfokazi, hhayi izindebe zakho.
Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho.
Uma nje laba bantu bebephethwe yimi, bengizomsusa u-Abhimelekhi, ngithi kuye: ‘Yandisa impi yakho, uphume silwe.’ ”