“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.
2 Samuweli 15:1 - IsiZulu 2020 Kwathi emveni kwalokho u-Absalomu wazakhela inqola yempi, wazitholela amahhashi, namadoda angama-50 ayezogijima phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu wazilungiselela inqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngasemuva u-Abisalomu wamlungisela izinqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe. |
“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.
Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu nigibelise uSolomoni, indodana yami, umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni.
U-Adoniya, indodana kaHagithi, wayeziphakamisa, ethi: “Yimi engizokuba yinkosi.” U-Adoniya wazilungiselela inqola yempi nabamahhashi, nabantu abangama-50 ukuba bagijime phambi kwakhe.
Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.
Lapho kuvela ukuziqhenya kulandela ihlazo, kodwa kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
Owephula umthetho uthanda ingxabano; owenza isango lakhe liphakame ukhonga ukubhujiswa.
Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’
Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;