UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi asefikile njengoba ishilo inceku yakho.”
2 Samuweli 13:34 - IsiZulu 2020 U-Absalomu wabaleka. Insizwa eyayiqaphile yaphakamisa amehlo ayo, yabona iqulu labantu liza ngendlela ehamba emva kwentaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa u-Abisalomu wabaleka. Insizwa engumlindi yaphakamisa amehlo ayo, yabheka, bheka, abantu abaningi bekhuphuka ngomgwaqo ngemuva kwayo. |
UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi asefikile njengoba ishilo inceku yakho.”
UDavide wayehlezi phakathi kwamasango, elingaphakathi nelingaphandle; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni lomuzi, waphakamisa amehlo akhe, wabona umuntu egijima yedwa.
Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.
Kunjengokuba ethi umuntu ubalekela ibhubesi, ahlangane nebhele, athi uya endlini ancike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.