Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”
2 Samuweli 12:6 - IsiZulu 2020 Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe alibuyisele iwundlu ngokuphindwe kane, ngoba yenze le nto nangenxa yokuthi yayingenasihawu. |
Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”
umnini womgodi uyokhokhela umnini wesilwane ngemali; yena athathe isilwane esifileyo sibe ngesakhe.
“Uma umuntu entshontsha inkabi noma imvu, bese eyihlaba noma ayithengise, uyokhokhiswa izinkabi ezinhlanu ngenkabi, nezimvu ezine ngemvu.
Uma ebhadanyiwe, bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa, akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.
nayikuphi afunge ngamanga ngakho, uyokubuyisela, aze athasisele okwesihlanu kukho, uyokunika lowo obelahlekelwe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.
Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”
Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.