UDavide wayesethumela kuJowabe, ethi: “Thumela kimi u-Uriya, umHithi.” UJowabe wamthumela u-Uriya kuDavide.
2 Samuweli 11:5 - IsiZulu 2020 Owesifazane wakhulelwa, wathumela ukuba kuyobikelwa uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Owesifazana wakhulelwa, wathumela watshela uDavida wathi: Ngikhulelwe. |
UDavide wayesethumela kuJowabe, ethi: “Thumela kimi u-Uriya, umHithi.” UJowabe wamthumela u-Uriya kuDavide.
Ngokuba isikhwele sivusa ulaka endodeni yakhe, uma isiziphindiselela ngeke ibe nasihawu.
“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.
“Uma kutholakala indoda ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayobulawa bobabili, indoda ebilele nowesifazane uqobo ukuze kususwe ububi kwa-Israyeli.