Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.”
2 Samuweli 11:16 - IsiZulu 2020 Ngesikhathi uJowabe esewuvimbezela umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho ayazi ukuthi kunamadoda anamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uJowabe ebona umuzi, wamqondisa u-Uriya endaweni azi ukuthi kukhona amadoda anesibindi. |
Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.”
Amadoda akulowo muzi aphuma ukuzolwa noJowabe. Kwafa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; kwafa no-Uriya, umHithi.
Ngubani owabulala u-Abimelekhi, indodana kaJerubheshethi na? Akubanga yini ngowesifazane owagingqela kuye itshe lokusila esogangeni, wafela eThebezi na? Nisondeleleni ogangeni, na?’ “Uyokuthi: ‘Inceku yakho u-Uriya umHithi, nayo ifile.’ ”
U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
“Phezu kwalokho, uyazi ukuthi uJowabe, indodana kaZeruya, wenzani kimi, nokuthi wabaphatha kanjani abakhuzi ababili bempi ka-Israyeli; u-Abhineri, indodana kaNeri, no-Amasa, indodana kaJetheri, ababulalayo, wachitha igazi ngokulwa ngesikhathi sokuthula. Wabheca igazi lokulwa ebhandeni lakhe elalisokhalo, nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.
Waphinda futhi wababhalela incwadi yesibili, ethi kubo: “Uma-ke ningakimi, futhi nilalela izwi lami, thathani amakhanda awo wonke amadodana enkosi yenu niwalethe lapha kimi eJizreyeli, kusasa ngalesi sikhathi.” Amadodana enkosi ayengama-70 ayehlala ezikhulwini zomuzi, ziwakhulisa.
U-Efrayimi ucindezelwe, uchotshoziwe ngokwehlulelwa, ngokuba wazimisela ukulandela umyalo oyize.
Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.