Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.
2 Samuweli 10:8 - IsiZulu 2020 Abakwa-Amoni baphuma, bahlela impi esikhaleni sesango; ama-Aramu aseZobha naseRehobhe, namadoda aseThobhi, nawaseMahakha babebodwa endle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ekungeneni kwesango; ama-Aramu aseSoba, naseRehobe, naseJistobi, naseMahaga ayeyedwa endle. |
Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.
UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu.
u-Elifelethi, indodana ka-Ahashibhayi, indodana yomMahakha, u-Eliyamu, indodana ka-Ahithofeli waseGilo,
Ngesikhathi uDavide ebabulala, waziqoqela abantu, wayeseba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.
Baqasha izinqola eziyizi-32 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo beza bakanisa phambi kweMedebha. Abakwa-Amoni babuthana bephuma emizini yabo; beza ukuzokulwa.
Abakwa-Amoni baphuma bayihlela impi yabo belungela ukulwa ngasesangweni lomuzi, kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.
zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.
Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.
U-Asheri akazixoshanga izakhamuzi zase-Akho, ezaseSidoni, ezase-Ahelabhi, ezase-Akhizibhi, ezaseHelibha, ezase-Afiki nezaseRehobhi,
UJeftha wayesebaleka kubafowabo, wahlala eThobi. UJeftha wazungezwa yizephulamthetho ayephuma ahlasele nazo.
Kwathi lapho abakwa-Amoni belwa nabakwa-Israyeli, amalunga akwaGileyadi ahamba ukuyolanda uJeftha eThobi.