Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi,
2 Samuweli 10:2 - IsiZulu 2020 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, njengoba uyise angenzela ububele.” UDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavida wasesithi: Ngizamenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengoba uyise wangenzela umusa. UDavide wathumela ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika ezweni labantwana bakwa-Amoni. |
Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi,
UNahashi wakwa-Amoni wenyuka, wakanisa eJabheshi Gileyadi. Bonke abantu baseJabheshi bathi kuNahashi: “Masenze isivumelwano, thina sizokukhonza.”