2 Samuweli 10:16 - IsiZulu 2020 UHadadezeri wayesethumela, wawabiza ama-Aramu ayengaphesheya komfula; afika eHelamu eholwa nguShobhakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHadadezeri wathuma wakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula;* afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo. Contemporary Zulu Bible 2024 UHadadezeri wathumela wakhipha ama-Aramu ayengaphesheya koMfula, afika eHelamu; uShobagi, induna yempi kaHadadezeri, waphuma phambi kwabo. |
Kwathi uDavide angabikelwa ngalokho, wayeseqoqa wonke u-Israyeli, wawela iJordani, waya eHelamu. Ama-Aramu athumela impi ukuze abhekane noDavide, alwe naye.
UNkulunkulu wabuye wavusa omunye ozomelana noSolomoni, uRezoni, indodana ka-Eliyada, owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri, inkosi yaseZobha.
UDavide wahlasela uHadadezeri, inkosi yaseZobha, ngaseHamathi, ngesikhathi ephumile ukuyoqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.
Kwase kufika ama-Aramu aseDamaseku ezosiza uHadarezeri, inkosi yaseZobha, uDavide wabulala abantu bakhona abayizi-22 000.
Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe ngu-Israyeli, athuma izithunywa, akhipha ama-Aramu ayengaphesheya komfula noShofakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri, phambi kwawo.