Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.
2 kaPetru 2:8 - IsiZulu 2020 Ngokuba leyo ndoda elungileyo, eyayihlala phakathi kwabangalungile, nsuku zonke yadatshukiswa ukuzwa nokubona izenzo zabo ezimbi zokungamesabi uNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho – Baasraak Zulu New Testament Bible (Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;) Contemporary Zulu Bible 2024 (Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;) |
Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.
Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.
Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.
USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”
Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.
siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,
Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.
Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.