Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 kaPetru 2:8 - IsiZulu 2020

Ngokuba leyo ndoda elungileyo, eyayihlala phakathi kwabangalungile, nsuku zonke yadatshukiswa ukuzwa nokubona izenzo zabo ezimbi zokungamesabi uNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho –

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

(Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;)

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

(Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;)

Uka jalj uñjjattʼäta



2 kaPetru 2:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.


Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.


Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.