Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.
2 kaPetru 2:12 - IsiZulu 2020 Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo, Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo; Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo; |
Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.
Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.
Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”
Ngase ngithi: “Laba yizimpofana nje, benze ubuwula, ngoba kabayazi indlela kaSimakade, nokwehlulela kukaNkulunkulu wabo.
Intukuthelo yami ngiyakuyithululela phezu kwakho, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abangongoti bokubhubhisa.
ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula.
Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.”
Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
Konke lokho kuyizinto eziphelayo uma sezisetshenzisiwe ngokwemiyalo nezimfundiso zabantu.
aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.
Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho.
Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda.