Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.
1 Samuweli 9:23 - IsiZulu 2020 USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: ngigcinele sona.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli wasesithi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona, engakutshela ngaso: Sibeke kuwe. |
Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.
UHana wamnika amavenge aphindwe kabili, ngokuba wayemthanda uHana, nakuba uSimakade ayesivalile isibeletho sakhe.
USamuweli wathatha uSawule nenceku yakhe wangena nabo endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni ephambili, phakathi kwababemenyiwe; kwakungamadoda angama-30.
Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokhu ngithe ngimeme abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo lusuku.