Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 9:22 - IsiZulu 2020

USamuweli wathatha uSawule nenceku yakhe wangena nabo endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni ephambili, phakathi kwababemenyiwe; kwakungamadoda angama-30.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

USamuweli wayesemthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokuphumula, wabahlalisa endaweni ephakemeyo phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abantu abangamashumi amathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 9:22
4 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamphakela yedwa, base bebaphakela nabo kanjalo, nabaseGibhithe ababedla naye babaphakela ngokwabo, lokhu abaseGibhithe babengeke badle namaHebheru, ngokuba kwakuyisinengiso kubo.


Kepha uma umenyiwe, hamba uhlale endaweni engezansi, ukuze kuthi lapho efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mngani, yenyukela ngenhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe esidlweni.


USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: ngigcinele sona.”