amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.
1 Samuweli 9:2 - IsiZulu 2020 Wayenendodana igama layo kunguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wayenendodana igama layo linguSawule, insizwa enhle nebukekayo; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu. |
amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.
Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”
Wayesesondeza isizwana sakwaBhenjamini ngemindeni yaso, kwenziwa unkatho, lwadla umndeni wakwaMathri; lwadla noSawule, indodana kaKishi. Kepha kwathi lapho bemfuna, akafunyanwanga.
Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”
Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.
Izimbongolo zikaKishi, uyise kaSawule, zalahleka. UKishi wathi kuSawule, indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku uvuke nihambe niyofuna izimbongolo.”