Wanikela ngomhlatshelo elapho kwelezintaba, wamema nezihlobo zakhe ukuba zidle. Badla, base belala kulo elezintaba ngalobo busuku.
1 Samuweli 9:12 - IsiZulu 2020 Abaphendula athi: “Ukhona, bhekani nangu phambi kwenu. Nokho sheshani ngokuba ufike namuhla emzini, ngoba abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo; Contemporary Zulu Bible 2024 Baphendula bathi: “Ukhona; bhekani, uphambi kwenu; sheshani, ngokuba ifikile namuhla emzini; ngoba namuhla kukhona umhlatshelo wabantu phezulu. |
Wanikela ngomhlatshelo elapho kwelezintaba, wamema nezihlobo zakhe ukuba zidle. Badla, base belala kulo elezintaba ngalobo busuku.
Washiya uZadoki, umphristi, nabafowabo, abaphristi, phambi kwethabanakeli likaSimakade, endaweni ephakemeyo eyayiseGibheyoni,
“Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha.
Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? USawule uzozwa, bese engibulala.” USimakade wathi: “Thatha isithole emhlanjini, uthi: ‘Ngize ukuzohlabela uSimakade.’
Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.
Uma uyihlo ebona ukuthi angikho, ubothi: ‘UDavide ucelile impela ukuba aphuthume eBhethlehema emzini wakubo, ngokuba ngalesi sikhathi kwenziwa umhlatshelo waminyaka yonke owenzelwa wonke umndeni wakubo.’
USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.