Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa, benza okubi ukwedlula abezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabo, abantu bakwa-Israyeli.
1 Samuweli 8:19 - IsiZulu 2020 Kepha abantu bala baphetha ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Qha, sifuna ukuba kube khona inkosi isibuse, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu, Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli; baphendula bathi: Hatshi! kepha siyakuba nenkosi phezu kwethu; |
Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa, benza okubi ukwedlula abezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabo, abantu bakwa-Israyeli.
Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”
Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade.
Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.
“Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’
“Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.