Kwathi emveni kwalokho, uDavide wawashaya amaFilisti, wawanqoba, wadla ingxenye yenhlokomuzi yawo.
1 Samuweli 7:13 - IsiZulu 2020 AmaFilisti ehlulwa; awaphindanga angena emingceleni yakwa-Israyeli ngezinsuku zonke zikaSamuweli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli. Contemporary Zulu Bible 2024 Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli. |
Kwathi emveni kwalokho, uDavide wawashaya amaFilisti, wawanqoba, wadla ingxenye yenhlokomuzi yawo.
Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.
ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”
AbakwaMidiyani bathotshiswa phansi kwabakwa-Israyeli, abaphindanga babavukela. Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40 ngezinsuku zikaGideyoni.
USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka.
Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.