Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.
1 Samuweli 6:18 - IsiZulu 2020 namagundane egolide ayeyinani lemizi yonke yamaFilisti eyayibuswa ngamakhosi ayisihlanu, imizi eyizinqaba ebiyelwe nemizana engabiyelwe. Itshe elikhulu lapho kwabekwa khona umphongolo kaSimakade, lingubufakazi ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, kuze kube namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE namagundane egolide ayenjengomumo wemizi yonke yamaFilisti yamakhosi ayisihlanu, imizi ebiyelweyo nemizana yasemaphandleni, okubufakazi bakho kuyitshe elikhulu abawubeka kulo umphongolo kaJehova, elikhona nanamuhla ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi. Contemporary Zulu Bible 2024 namagundane egolide ngokwesibalo semizi yonke yamaFilisti eyezikhulu eziyisihlanu, imizi ebiyelweyo neyasemaphandleni, kwaze kwaba etsheni elikhulu lika-Abela abawubeka phezu kwalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova. NKOSI itshe elisekhona nanamuhla esiqeshini sezwe likaJoshuwa waseBeti Shemi. |
Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.
kusuka eShihori elisempumalanga yeGibhithe kuya enyakatho emngceleni we-Ekhroni, elaziwa ngokuthi yiKhanani; kunababusi abayisihlanu bamaFilisti, abaseGaza, e-Ashidodi, e-Ashikeloni, e-Githi, nase-Ekhroni, nalabo base-Avimu ngasenyakatho,
Athi: “Uyokuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kanye nawo na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide ngokwenani lamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo esisodwa esihlasele bonke, ngisho namakhosi enu.