bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina;
1 Samuweli 6:13 - IsiZulu 2020 AbaseBhethi Shemeshi babevuna ukolo esigodini, lapho bephakamisa amehlo, babona umphongolo, bathokoza nxa bewubona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu baseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona. |
bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina;
Izinkomazi zangena indlela, zabheka ngaseBhethi Shemeshi, zihamba endleleni, zihamba zibhonsa, aziphambukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Amakhosi amaFilisti azilandela aze afika emngceleni eBhethi Shemeshi.
Inqola yeza ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, yafike yema lapho. Kwakukhona itshe elikhulu lapho, base beqhekeza izinkuni zenqola benza ngezinkomazi umnikelo wokushiswa kuSimakade.