Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 4:5 - IsiZulu 2020

Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade ufika enkanjini, u-Israyeli wonke wakhamuluka ngezwi elikhulu, kwaze kwazamazama umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu, wonke u-Israyeli wakhala ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 4:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwenyuka u-Abhiyathara noZadoki nabo bonke abaLevi, bethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; bawubeka phansi umphongolo wesivumelwano baze bedlula bonke abantu ababephuma emzini.


Bonke abantu benyuka belandela uSolomoni bebetha amacilongo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngenxa yomsindo wabo.


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”


Nina eniluqhelisela kude usuku olubi, nisondeze isihlalo sobudlova.


Ukuba bekukhona ohamba ekhuluma udwadwa namanga, aqambe amanga athi: ‘Ngiyakuniphrofethela ngewayini nangophuzo olunamandla, ubeyakuba ngumphrofethi walaba bantu.’ ”


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.”


Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.


AmaFilisti ezwa umsindo wokukhamuluka, athi: “Usho ukuthini lowo msindo wokukhamuluka ongaka enkanjinii yamaHebheru na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaSimakade ufikile enkanjini.