Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima.
1 Samuweli 4:20 - IsiZulu 2020 Ngesikhathi sokufa kuka-Eli kwakunabesifazane ababemi ngakumkaFinehasi, bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uthole indodana.” Kodwa yena akakunakanga lokho, akaze aphendula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana.” Kepha akaphendulanga, akakunakanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi khona bathi kuye: “Ungesabi; ngoba uzele indodana. Kodwa akazange aphendule, futhi akazange akucabange lokho. |
Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima.
Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.
Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni.
Umalokazana wakwakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezobeletha, kwathi ukuba ezwe umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhonkobala, wafikelwa yimihelo, wabeletha.